MFUMFU USHICILELO 2 - 2025

INCWADI EYA KUMHLELI

Incwadi

 

Sawubona Vuk’uzenzele,

Bengengithanda ukubekisa isikhalo sokwenza iKhadi Likamazisi.

Ozithobayo,
Olwami Mkrola
 

 

 

 

Impendulo

 

Sawubona, Olwami,

Siyabonga ngokuthi ubhalele iVuk’uzenzele, iphephandaba likahulumeni elikhishwa nguPhiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokuhlinzekwa Kolwazi (i-GCIS).

Ukubekisa isikhala sokuyokwenza iKhadi Likamazisi, sicela ulandele lezi zinyathelo: 

  1. Vakashela uHlelo Lokubekisa Isikhala Egatsheni loMnyango Wezasekhaya (i-BABS) ku-https://services.dha.gov.za/#/authenticate/identity
  2. Ngena usebenzisa inombolo kaMazisi wakho waseNingizimu Afrika noma imininingwane yephasiphothi.
  3. Faka igama lakho, isibongo, nenombolo yokuxhumana. Ungayifaka ne-imeyili yakho.
  4. Khetha insizakalo ye- 'identity card'.
  5. Khetha isifundazwe, idolobha, negatsha loMnyango Wezasekhaya olithandayo.
  6. Cofa 'select timeslots' bese ukhetha usuku nesikhathi esitholakalayo.
  7. Buyekeza isiqinisekiso, bese ucofa 'confirm' ukuqedela ukubekisa isikhala sakho.

Ozithobayo,
Vuk’uzenzele
 

General
Share this page